Share

Isoka lisolwa ngokubamba intombi ngomuthi

Mangaung - UMamiki Letlala, 41, uthi ubengaqondisisi ukuthi kungani ehleli othandweni olumhlukumezayo.

Uthi amehlo akhe avuleka ngeSonto ngesikhathi ethola umuthi ngaphansi kombhede wakhe.

“Ngangingakwazi ukunqaba kuye. Ngangimthanda ngendlela exakile futhi sengibonile ukuthi konke lokhu kwakwenziwa wukuthi wayengisebenzisela umuthi," esho.

UMamiki waseMangaung uthi wahlangana nesoka lakhe ngoJuni wangonyaka odlule.

“Ngemuva kwamasonto amabili sithandana, sathatha isinqumo sokuba sihlale ndawonye. Isoka lami lalinokubamba amatoho abuye aphele ngakho-ke yimina engangilondla,” kusho yena.

Le ntokazi ithi isoka lalinesandla esilula futhi wayesekhathele yilona kodwa kunzima ukulilahla.

Uthi ngesonto eledlule wamangala efika endlini wathola isikhwama sakhe singekho. Ngesikhathi elibuza isoka ukuthi siphi isikhwama lamtshela ukuthi bekuvakashe izihlobo zalo kungenzeka ukuthi yizona ezisithathile.

OLUNYE UDABA:Bayagana abasebenzisa umuthi ka-R2.50!

Uthi ubecinga isikhwama ngesikhathi ebona isijumbane ngaphansi kombhede.

“Ngathi ngimubuza ngalesi sijumbane somuthi, wavele wadinwa wangitshela ukuthi umuthi wakhe wokumsiza ukuba athole umsebenzi. Wathi lo muthi uwuthathe kumthandazi,” kuqhubeka uMamiki.

Uthi wadinwa walixosha isoka, kodwa akuphelelanga lapho njengoba ngosuku olulandelayo uthi omakhelwane babona leli soka liphethe isigubhu sikaphethiloli.

“Wathuka ngesikhathi ebona ukuthi abantu bayambona. Ngavele ngaya emaphoyiseni ngathola incwadi yesivimbezelo,” kusho uMamiki.

Ngesikhathi iDaily Sun ikhuluma noVusi Xwazi okuyilona soka, uyivumile indaba yomuthi kodwa waphika ukuthi ubewusebenzisela intombi.

“Ngangisebenza njengomshayeli wetekisi ngaya esangomeni ngoba ngangiba nezingozi eziningi kodwa angizange ngimtshele uMamiki ngalo muthi,” kuchaza isoka.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 344 votes
No! It's time to move on ...
36% - 193 votes
Vote
Rand - Dollar
19.08
+0.7%
Rand - Pound
23.80
+0.6%
Rand - Euro
20.39
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.38
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+0.8%
Platinum
909.50
-0.3%
Palladium
984.00
-2.1%
Gold
2,316.50
+0.0%
Silver
27.14
-0.1%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,092
-0.7%
All Share
74,039
-0.6%
Resource 10
61,188
+1.2%
Industrial 25
102,423
-1.5%
Financial 15
15,787
-0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE