Johannesburg - Izikhulu kuMasipala weTheku zizobamba umhlangano nenyunyana yabasebenzi iSatawu kanye nabashayeli beTansnat namhlanje ngemizamo yokuxazulula izinkinga ezikhona kwezamabhasi.
Umhlangano uzobasesikhumulweni samabhasi kuJohannes Nkosi Street.
Funda nalolu daba: Ishonile indoda ezokhele ngomlilo
UMasipala waseThekwini ukhiphe isitatimende ngeledlule unxusa abagibeli ukuba basebenzise ezinye izinto zokuthutha ngemuva kokuba abashayeli bengenele isiteleka.
Okhulumela umasipala uTozi Mthethwa uthi kungenzeka amabhasi nanamhlanje angasebenzi ngendlela ejwayelekile, kubika i-ECR.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.