Harare – IZimbabwe isigadlile nayo kulandela ukuphawula okwenziwe uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uFikile Mbalula, othe abanye ababengamasosha kuleliya lizwe babhebhezela udlame kuleli.
UNgqongqoshe wezokuPhepha eZimbabwe, uKembo Mohadi, uthi uMbalula bekumele asebenzise imigudu esemthethweni ukuzwakalisa isikhalazo anaso.
UMohadi utshele abezindaba ngoLwesine ukuthi ukuphawula kukaMbalula ngababengamasosha eZimbabwe bekungenasidingo.
OLUNYE UDABA: UMbalula emahhovisi oKlebe kulandela ukubuya kosuswe esikhundleni
Uthi uMbalula bekumele akhulume nomlingani wakhe waseZimbabwe u-Ignatius Chombo ngalolu daba uma benemihlangano ebandakanya la mazwe womabili.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto, uMbalula waphawula wathi abantu ababengamasosha eZimbabwe yibo ababhebhethekisa ubugebengu obuhambisana nodlame obenzeka eNingizimu Afrika, okubalwa nokubanjwa kwamabhange inkunzi.
Inxusa laseZimbabwe kuleli, u-Isaac Moyo, utshele iphephandaba loMbuso iChronicle ukuthi ukuphawula kukaMbalula kungamanga futhi kuyadabukisa.