Durban – Kulimale izingane ezingu-17 ngoMsombuluko kulandela ukuhlaselwa yizinyosi esikoleni eMkomaas, KwaZulu-Natal, kusho abosio lokuqala.
Okhulumela i-ER24, uRussel Meiring uthe izingane zihlaselwe yizinyosi ku-Old Main Road.
Uthe abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bafica izingane zibalinde ekilasini.
OLUNYE UDABA:Basale bemabokoboko abatinyelwe izinyosi emngcwabeni
"Abosizo lokuqala baxilonge izingane bathola ukuthi zingu-17 ezitinyelwe yilezi zinyosi kanti iminyaka yazo ibalelwa eminyakeni ephakathi kwengu-7 nengu-10 ubudala," usho njalo esitatimendeni.
Lezi zingane zilashelwe endaweni yesigameko zase ziphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene.
UMeiring uthe ezinye izingane ziphuthunyiswe esibhedlea ngaphambi kokufika kwabosizo lokuqala endaweni yesigameko.
- African News Agency
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter