Bloemfontein - Kuseyindida okwenzeke ngaseWinburg lapho iveni litholakale libhajwe ezigxotsheni zogesi.
Izithombe zibonisa iveni lifahlakile phambili futhi lishaye labheka phansi amasondo asezigxotsheni umnyango wangemuva uvulekile.
OLUNYE UDABA:Ushweleze emndenini oweveni edale ingozi eThekwini
"Angikaze ngiyibone ingozi efana nalena selokhu ngaqala ukusebenza njengomsizi wezimo eziphuthumayo," kusho owe -EMS ekhasini lomnyango wezempilo kuFacebook.
Ngokusho kombhali, lengozi yenzeke ku-N5 ngoMgqibelo, kanti uyedwa umuntu olimele ophuthunyiswe esibhedlela.