Durban – Amalungu e-NFP ngeke "alawuleke" uma iNkantolo yezoKhetho ingakhipha isinqumo sokuthi leli qembu lingalungeneli ukhetho, kusho uSihlalo wayo KwaZulu-Natal.
“Ngeke alawuleke amalungu ethu uma isinqumo senkantolo singalivuni iqembu ngoba athukuthele. Kuzoba nzima impela, ikakhulukazi KwaZulu-Natal," kusho uVikizitha Mlotshwa.
Ubekhuluma eGugu Dlamini Park, eThekwini, lapho bekuhlangane khona amalungu eNational Freedom Party eyoyigxoba ngenxa yokumelana nesinqumo se-IEC sokungayivumeli ukuba ingenele ukhetho ngoba ihlulekile ukuhlangabezana nomnqamulajuqu.
Amaqembu ezombusazwe bekumele ahambise uhlu lwamagama alabo azobamela ukhethweni kanye nemali engu-R400 000 ungakashayi umhlaka-2 Juni.
OLUNYE UDABA: I-NFP iphika eyokuthi ngeke ibe yingxenye yokhetho
Leli qembu lilindele ukuzwa isinqumo senkantolo ngoLwesihlanu (namhlanje).
Kuvele ngoLwesibili ukuthi isigungu esiphezulu seqembu esiholwa nguMaliyakhe Shelembe, Nhlanhla Khubisa noXolani Ndlovu yiso ebesibhekelele ukukhokhwa kwale mali.
UNdlovu kuthiwa walihambisa isheke kwa-IEC, kepha labhuntsha.
"Siyiqembu lesihlanu ngobukhulu kuleli, impela uma singavunyelwa ukuba singenele ukhetho kuzoqubuka udlame," kusho uMlotshwa.