Wakkerstroom – Kuboshwe abesilisa abangu-8 ngemuva kokutholakala kwesidumbu somlimi eWakkerstroom, eMpumalanga ngoLwesithathu, kusho amaphoyisa.
Abasolwa babaoshwe eDaggakraal naseMooibank farm ngaseWakkerstroom ngoLwesithathu.
USergeant Gerald Sedibe uthi kuthiwa bebehlukumeza umphakathi waseDaggakraal nase-Amersfoort, bebambamba inkunzi baphinde beba nemfuyo.
Funda nalolu daba: Ifile iCosatu - Vavi
USedibe uthi umlimi, okukhonakala ukuthi uneminyaka ekuma-30s ubudala, kuthiwa uhlaselwe wabulawa yilaba balisa ngesikhathi ezama ukubanqanda ngesikhathi befuna ukweba amahhashi epulazini lakhe.
Isidumbu sakhe sitholwe ngabo-05:00 ngeSonto ekuseni.
Bazovela eNkantolo yeMantshi yaseWakkerstroom maduzane.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.