Pietermaritzburg - Isigameko sokudubula esenzeke ngaphandle kwase-nightclub eMbali, eMgungundlovu, sishiye kushone owesilisa oyedwa, kwembulwa kwembeswa komunye esibhedlela.
Isigameko senzeke ngoMsombuluko ngezithuba zabo-02:00 ekuseni.
Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthi abosizo lokuqala bathi babizwe endaweni yesigameko yizisebenzi zasemtholampilo oseduze ne-nightclub.
“Ngesikhathi abosizo lokuqala befika bathole izisebenzi zasemtholampilo zelapha abalisa bobabili. Abe-ER24 bahlole abalisa bathola ukuthi oyedwa wabo ubeseshonile enamanxeba okudutshulwa,” kusho uMeiring.
Owesibili naye utholakale enamanxeba okudutshulwa, esesimeni esibucayi.
Funda nalolu daba: I-ANC iphika ezokufumbathiswa
“Kwenziwe zonke izindlela zokumgcina ephila ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela nge-ambulance ukuze athole ukwelashwa okunzulu,” kusho uMeiring.
Okhulumela amaphoyisa aseKZN uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe: “Singasiqinisekisa isigameko esenzeke ekuseni eMbali lapho izisulu zidutshulwe khona ngabantu abangaziwa.
“Kushone owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala kanti omunye usasesibhedlela.
“Imbangela yesigameko ibingakaziwa. Kuvulwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa asePlessislaer ukuze kwenziwe uphenyo.”
Uthe bekungakaboshwa muntu.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.