Durban – Kubulawe abantu ababili abebesolwa ngokubandakanyeka emacaleni okugqekeza emzini yabantu nokweba izimoto ngesikhathi kudutshulwana eMgungundlovu, kusho amaphoyisa ophiko loKlebe ngeSonto.
Amaphoyisa alandela imoto eMontrose ngoMgqibelo ekuseni yabaholela kwenye imoto, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Simphiwe Mhlongo.
OLUNYE UDABA: Izigebengu zidubulane namaphoyisa eNyanga
"Abanye abasolwa abebelinde kwenye imoto bavulele ngenhlamvu bedubula amaphoyisa nawo aziphindiselela ezivikela," usho njalo.
Abasolwa ababili badutshulwe bashona kanti ababili bona baphuthunyiswe esibhedlela lapho abaqashwe khona ngamaphoyisa.
Amaphoyisa athole amabhokisi angu-12 amakhompuyutha, okokujema, u-ova wamaphoyisa, insimbi icrowbar nezibhamu ezintathu nezinhlamvu.
Anasolwa abalimele baboshelwe icala lokuzama ukubulala, ukuzama ukweba imoto, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni namathuluzi okugqekeza izimoto zabantu.
La basolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yasePietermaritzburg uma sebethweswe amacala.
Abe-Independent Police Investigative Directorate baye endaweni yesigameko bavula idokodo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter