Johannesburg - Kudutshulwe kwabulawa unogada wenkampani yonogada i-ADT e-Eersterust eTshwane ngoLwesibili ebusuku phambi kwasesontweni iSpadereen ku-St Joseph Street.
Abamele isonto bathe akuzange kugqekezwe.
OLUNYE UDABA: Kubulawe unogada enxanxathela yezitolo eF State
"Kufike indoda yakwa-ADT ngavula isango. Waphuma ngemuva kokuhlola indawo. Ngokujwayelekile ngiyamuphelezela kodwa izolo ngihlale ngaphakathi ngamvulela isango ngingaphakathi.
"KNgizwe ukuqhuma kwesibhamu. Ngesikhathi siphuma sifice unogada edutshuliwe ngaphakathi emotweni."
Okhulumela amaphoyisa uConstable Sam Shibambo uthe ngezithuba zabo-23:45 izolo ebusuku amaphoyisa athole ucingo mayelana nobugebengu obebuqhubeka. Saphuthjuma endaweni yesigameko safiva unogada esesghonile enenxeba lokudutshulwa esifubeni.
"Isibhamu sakhe besingekho," kusho uShibambo.
Amaphoyisa aphenya icala lokuphanga nokubulala.
Abakwa-ADT abatholakala ukuphawula.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho