Cape Town – Kugwazwe kwabulawa umfana oneminyaka engu-16 ubudala e-Paarl East, kusho amaphoyisa aseWestern Cape ngeSonto.
Ibhungu libulawelwe kuJan Fiskaal Street endaweni yase-Amstelhofat ngezithuba zabo-18:30 ngoMgqibelo, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain FC van Wyk.
Funda nalolu daba: Umfana uthole ukuthi intombi yakhe ithandana noyise
Bekungakacaci ukuthi kwenzakaleni ngaphambi kwesigameko.
UVan Wyk uthe amaphoyisa aphenya ngecala lokubulala kodwa bekungakaboshwa muntu.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.