Durban - Kuhlehliswe inkonzo yesikhumbuza sezisulu ezimbili ezibulawe endawenei yaseNchanga namuhla ekuseni.
UNontsikelelo Blose weSouth African Communist Party (SACP) udutshulwe ethaveni ngeSonto ebusuku kanti uXolani Ngcobo yena we-African National Congress (ANC) yena kusolwa ukuthi wabulawa ngenhloso yokuziophindiselela ngoMsombuluko ekuseni kwase kuqubuka udlame endaweni.
OLUNYE UDABA: Bavelile enkantolo abasolwa ngokubulala ele-SACP eNchanga
Amaphoyisa abizelwa endaweni yaseNchanga ngaphandle kwaseMgungundlovu ngemuva kokushiswa kwemizi nabantu bevale umgwaqo ngamathayi avuthayo nezimbhokodo zamatshe kwaphoqeleka ukuba uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uMxolisi Kaunda ukuba enze izingxoxo zokuthula ukuze kuzotholakala nesisombululo.
Le nkonzo yesikhumbuzo kaBlose noNgcobo ibihlelelwe ukuba ibanjwe ngoLwesine kodwa yahlehliselwa olunye usuku obelungakakhishwa ngoba kwenzelwa ukuba kuqhutshekwe nezingxoxo zokuthula ukuze isimo sizobuyela esimeni endaweni, kubika iTimesLive.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter