Durban – Amaphoyisa asekhiphe isexwayiso esinqala kosisi baseMlazi, eningizimu yeTheku, ukuthi bazame ukulawula imizwa yabo uma bediniwe.
Lokhu kungemuva kokuqaphela ukuthi osisi bakuleli lokishi bahamba phambili ngesikhwele esigcina siholele ekutheni bacekele phansi impahla.
Amaphoyisa akuleli lokishi athi asemaningi kakhulu amacala avulwayo okucekela phansi impahla, okwenzeka kakhulu phakathi kwezithandani.
OLUNYE UDABA: Isikhwele siyalubulala uthando - Umbono
Amaphoyisa athi labo abalahlwa yicala lokucekela phansi impahla bangase bahlale iminyaka elinganiselwa kwemihlanu ejele.
Kuthiwa siphezulu kakhulu isibalo sabantu besilisa abavula amacala alolu hlobo eMlazi, okubalwa ukuphihlizwa kwamawindi ezimoto kanye nokusacazwa phansi komakhalekhukhwini, kwenziwa yizintombi ezinesikhwele.
Okhulumela amaphoyisa aseMlazi uCatain Carmen Rhynes uxwayise ngokuthi ukucekela phansi impahla yomuntu akusilona icala elincane.
Thola udaba oluphelele ephephandabeni iSolezwe.