Johannesburg – Kulimale abantu abayisithupha ngesikhathi iveni ishayisana nezinye izimoto ezimbili ezincane ku-N1, ngasemgwaqeni ongenela e-Allandale eMidrand, kusho abosizo lokuqala ngoLwesibili.
Iveni ligqamuke amalangabi ngemuva kwengozi, kusho okhulumela i-Emer-G-Med uMax Cohen.
Funda nalolu daba: Kushe izimoto e-UCT
Okhulumela iNetcare 911 u-Athlenda Mathe uthe kuphazamiseke nokuhamba kwezimoto ngenxa yengozi.
Abosizo lokuqala kanye nabezicimamlilo bebehlenge abalimele endaweni yesehlakalo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.