Durban – Kulimale amaphoyisa amabili eKZN esehlakalweni sokuphanga esenzeke KwaDukuza ngoMgqibelo ekuseni, kusho abe-IPSS Medical Rescue.
"Iqulu labantu liyekophanga [inkampani ebolekisa ngemali]… iSupreme Finance," kusho uDylan Meyrick wenkampani yabosizo lokuqala.
"Ngesikhathi sebephuma, bamangele bebona amaphoyisa, kwadutshulwana.”
Funda nalolu daba: Zimkhalele osolwa ngokubulala iphoyisa
Uthe amaphoyisa awadubulekanga kabi.
Kuyaqhubeka njengamanje ukuthungathwa kwabasolwa njengoba kukhona nendiza enophephela emhlane ezungeza kuKing Shaka Street lapho kwenzeke khona isigameko.
Uthe kusolwa ukuthi izigebengu zikhale zemuka nezinkulungwane zemarandi.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.