Durban - Kulimale izingane ezingu-20, eziphakathi kweminyaka emihlanu nengu-9 ubudala, umuntu oyedwa omdala walimala kabi, ngesikhathi iveni yabo igingqika ku-P718 eNanda, eThekwini.
Le ngozi yenzeke ngoLwesihlanu ntambama.
Okhulumela iCrisis Medical uKyle van Reenen uthe abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko "izingane ebezilimele zisakazeke umgwaqo wonke".
OLUNYE UDABA: Kulimale izingane ezingu-16 kugingqika iveni
“Imibiko esiyihlanganise endaweni yesigameko itshengisa ukuthi izingane ziphalazwe yiveni ngemuva kokuthi umshayeli ehlulekile ukuyilawula yase iyagingqika," esho.
Umshayeli ulimale kabi kule ngozi.
Kudingeke ukuthi kusetshenziswe imishini ukuzama ukumhlenga ngaphambi kokuthi adluliselwe esibhedlela.
Nazo izingane zithole usizo lwezempilo zase zidluliselwa ezibhedlela ezahlukene.