Cape Town – UMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane kulindeleke ukuba avele phambi kwekomidi lePhalamende elenza uphenyo ngebhodi le-SABC ngesonto elizayo.
Ikomidi lizoqalisa umsebenzi walo zingakapheli izinsuku ezinhlanu ngemuva kokuba ingaphumelelanga imizamo kasihlalo webhodi leSABC, uMbulaheni Maguvhe, yokumisa uphenyo.
Uphenyo lube nezinkinga lungakaqali nokuqala ngesikhathi uMkhwebane esolwa ngokuhlaza iPhalamende ngesikhathi engafiki ngesonto eledlule.
OLUNYE UDABA: Kufunwa owagwazwa edlwengula owesifazane
Usihlalo wekomidi uVincent Smith uthi uzoxhumana noMvikeli woMphakathi.
“UMvikeli woMphakathi uveze ukuthi uzobe ekhona ngomhlaka 1 nangomhlaka 7 kodwa sizobuyela kuyena.”