Pretoria – Ikhomishana kaFarlam ephenya ngesehlakalo saseMarikana kulindeleke iqhubeke nesigcawu somphakathi ePitoli ngoMsombuluko.
Ikhomishana iphenya ngokushona kwabantu abangu-44 odlameni olwaqubula ngesikhathi kuteleke abasebenzi basezimayini zaseLonmin eMarikana ngo-Agasti 2012.
Bangu-34 abavukuzi ababulawa ngesikhathi amaphoyisa evulela ngenhlamvu ebhekise kubona.
Abayishumi, kubalwa kubona amaphoyisa amabili kanye nonogada ababili, babulawa ngesonto elandulela elesehlakalo.
Ngeledlule lowo owayengumholi ngesikhathi sesiteleka utshele ikhomishana ukuthi wayengazi lutho yena ngokusatshiswa kwabasebenzi.
UXolani Nzuza, okuthiwa wayengomunye wababengobhongoza besiteleka, utshele ikhomishana ukuthi ngesonto okwaqala ngalo isiteleka, wajikijelwa kwamatshe ngesikhathi eyosebenza.
Uthi wabuyela ekhaya, ngakusasa wajoyina isiteleka.
Uthi kodwa nakuba kunjalo wayengakuboni lokho njengokwesatshiswa.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.