Durban- Umfundisi wasoPhongolo KwaZulu-Natal usazama ukulungisa impilo yakhe ngemuva kokuqanjelwa amanga ngokubandakanyeka ecaleni lokubulala umfana osemncane ngephutha.
Kwatholakala izicubu zesidumbu sikaLungisani Ntuli esontweni likaFanana Nkosi ngonyaka wango-2014, okwasusa umsindo emphakathini wasoPongola.
OLUNYE UDABA: Wayecashe ebhuthini lemoto umfundisi wasoPhongolo
Isonto nemoto yakhe yomsebenzi kwashiswa kwathi ngemuva kwalokho wadakwa ngezidakamizwa wase eshiywa kanjalo ebhuthini yemoto yakhe.
Abantu basamxwaya uNkosi nakuba umbulali wangempela aboshwa ngoDisemba, kubika i-eNCA.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho