Share

Kuphume isidumbu kubangwa ihhashi

Durban - Kuboshwe indodana yekhansela lika-ward 1 ngaphansi kaMasipala waseMadlangeni ngemuva kokugwaza umuntu kubangwa ihhashi.

UThembinkosi Sangweni, 20, obengumfundi kaGrade 10 esikoleni iNzimane Combine eMadlangeni e-Utrecht ugwazwe amanxeba amabili esufubeni naseqolo ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ugwazwe umakhelwane kubangwa intombi

Ngokomthombo we-EYETHU kuthiwa ingxabano yaqala ngaphandle kwesikole ngesikhathi umufi ephuma esikoleni ethi uyobuza umsolwa ukuthi ulenzani ihhashi lakubo.

"Umufi waphuma egijima esikoleni waya kumsolwa ethi uyobuza ukuthi ulenzani ihhashi lakubo. Umsolwa waphika ukuthi ihhashi lakwaSangweni leli ayeligibele," kusho lo mthombo.

Lo mthombo uqhube ngokuthi laba bobabili babelokhu bephikisana, omunye ethi elakubo nomunye esho okufanayo. Umsolwa wabe esehosha ummese wagwaza umufi amanxeba amathathu emzimbeni.

Amaphoyisa ase-Utrecht awatholakalanga ukuba aphawula njengoba umphathi wesiteshi ebengekho kanti nokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natala uMajor Thulani Zwane ucele ukuthunyelelwa yonke imininingwane yodaba, ukuze ezokwazi ukuphendula.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 492 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 522 votes
Vote
Rand - Dollar
19.11
+0.4%
Rand - Pound
23.80
-0.4%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.40
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
920.40
-1.1%
Palladium
1,026.50
+1.1%
Gold
2,322.61
-0.2%
Silver
27.34
+0.6%
Brent Crude
87.00
-0.3%
Top 40
68,051
+0.8%
All Share
74,011
+0.6%
Resource 10
59,613
-2.2%
Industrial 25
102,806
+1.7%
Financial 15
15,897
+1.8%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE