Cape Town – UMnyango wezeMpilo eWestern Cape umile kwelokuthi umi ngomumo ukubhekana nesimo uma kungase kubheduke i-swine flu esifundazweni.
Babalela ngaphezulu kuka-20 abantu okuthiwa belashelwa i-H1-N1 eGeorge.
Okhulumela uMnyango uMark van der Heever uthe izikhungo zezempilo zinazo zonke izinsiza kanye nemishanguzo yokwelapha leli gciwane uma liphuma esandleni.
OLUNYE UDABA: UMnyango uthi abantu bangatatazeli ngokuqubuka kwe-swine flu
Uthe asikho isidingo sokuthi abantu batatazele.
"Sinazo zonke izinsiza zokubhekana nalo bhedukane. Labo abatshengisa izimpawu zalo mkhuhlane kuzomele bayohlolwa e-laboratory ukuze kuqinisekiswe izinsolo.”
UVan der Heever, uthi iH1-N1 akumele iphanjaniswe ne-AH1-N1 okuyiyona enzima kakhulu.