Cape Town – Kutholakale izidakamizwa kanye nemali engu-R34 000 emjondolo oseGugulethu, eKapa, kusho amaphoyisa kamasipaka eKapa ngoLwesibili.
Amalungu ezokuphepha abefuna umsolwa emijondolo yase-Europe ngoMsombuluko, kusho uYolande Faro wamaphoyisa.
Uthe umnikazi wendlu uvule isicabha wabe esebaleka.
Abaseshi babone izitsha ezimbili phansi ebezinento esampushana kanye nama-straw.
Funda nalolu daba: Usezikhindini otholwe nesingekho emthethweni
Lento etholakale bekuyisidakamizwa se-tik (methamphetamine) okukholakala ukuthi singabiza uR10 000 ngentengo yasemgwaqeni, yinsangu engabiza uR1 000, kanye nemali engafinyelela ku-R34 000.
Zonke lezi zinto zihanjiswe emaphoyiseni aseGugulethu.
UFaro uthe uphenyo luyaqhubeka.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.