Cape Town – Kushe imijondolo engu-9 neminye imizi emibili kwaLanga ngoMgqibelo ekuseni, kusho abezicimamlilo eKapa.
Balinganiselwa kwabangu-60 abantu abasale bengenamakhaya ngenxa yomlilo, oqale ngezithuba zabo-06:00 ekuseni, kusho okhulumela abezicimamlilo uTheo Layne.
Funda nalolu daba: Kuboshwe odlwengule ingane yomfana
Abezicimamlilo bakwazile ukubhula umlilo kanti futhi akulimalanga muntu.
ULayne uthe imbangela yomlilo ibingakaziwa.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.