Pretoria - Idlule nabanatu ababili ingozi eyenzeke eBoksburg ngesikhathi kushayisana izimoto ezimbili ngasemgwaqeni uRietfontein, kusho abosizo lokuqala.
Okhulumela abosizo lokuqala i-ER24 uChitra Bodasing uthe abosizo lokuqala be-ER24 nabanye bafike endaweni yesigamko bafica kushayisane imoto yohlobo lweGolf ne-Audi.
OLUNYE UDABA: Idlule nababili eyenzeke ngasebergville
"Amadoda amabili abavaleleke ngaphakathi emotweni yohlobo lweGolf ashonele endaweni yesigameko. Abantu abathathu abebegibele i-Audi abazange balimale," kusho uBodising.
Imbangela yengozi ayaziwa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho