Durban - Sekwenzeke isehlakalo esibuhlungu esifikisela ngomunyu enyakatho yaKwaZulu-Natal eNquthu ngoLwesibili ntambama, ngosuku olwandulela ukhetho lokuchibiyela, lapho kushone khona izingane ezintathu kulandela ukushayiswa yimoto.
Amagama ezingane ngo-Ayanda Mazibuko, 9, uZamafuze Ngcobo, 17, nomzala wabo u-Andiswa Buthelezi. Kuthiwa bebemi eceleni komgwaqo ku-Ward 13 kuMasipala waseNquthu ngesikhathi kwenzeka isigameko.
ILungu leSishayamthetho le-ANC uNomagugu Simelane-Zulu lithe i-ANC ishaqekile futhi ithukile ngokudlula kwezingane ezintathu emhlabeni ngemuva kokushayiswa yimoto eNquthu ngoLwesibili ntambama.
OLUNYE UDABA:Uzohlakazwa uMasipala waseNquthu - Cogta
"Nakuba imininingwane ingacaci ngokushona kwalezi zingane, kubonakala sengathi imoto iphaphalazile yaphuma emgwaqeni yayozishayisa ngesikhathi ziyokha amanzi," usho njalo.
USihlalo we-ANC esifundazweni uSihle Zikalala ekhuluma ngemuva kokuvakashela umndeni uthe: "Sibuhlungu futhi sishaqekile ngokudlula emhlabeni kwabantwana. Okubuhlungu kakhulu wukuthi zishone ziyokha amanzi."
UZikala ube esethembisa ukuthi uhulumeni ka-ANC uzoqinisekisa ukuthi abantu baseNquthu bazowathola emagcekeni amanzi.
UBathabile Dlamini onguMengameli we-ANC Women's League naye ubengomunye wabaholi abahambele umndeni ngoLwesibili beyodlulisa amazwi enduduzo.
Kulindeleke ukuba kuqhubeke ukhetho olubhekwe ngamehlo abomvu ngoLwesithathu kule ndawo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter