Durban - Kudutshulwe kwabulawa oshayasibhamu abathathu eHostela laKwaMashu kwathi abanye babaleka ngesikhathi amaphoyisa enza uphenyo ngezigebengu okusolakala ukuthi zibandakanyeka esigamekweni esenzeka eSeven Oaks ngoMgqibelo ekuseni.
Laboshayasibhamu baficwe bedlala ipool ngesikhathi bengqongqozelwa ngamaphoyisa kweminye yemizi esehostela base bedubula bebhekise emaphoyiseni namaphoyisa aziphindiselela.
OLUNYE UDABA: Kubulawe owesilisa ehostela KwaMashu
Ngokusho kwesitatimende amaphoyisa ashaqe izibhamu ezintathu kulabo abashonile.
Amaphoyisa aKwaMashu asevule icala lokuzama ukubulala kanti futhi asazoqhubeka nophenyo ukuze kuzoboshwa labo abasagcwele amathafa.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni ushayele ihlombe amaphoyisa ngomsebenzi wawo omuhle.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter