Share

Kushone isisebenzi izigebengu zigasela enkampanini eseWadeville

Wadeville - Abasebenzi benkampani i-Lauds Foundry Equipment eWadeville, bahlukumezeke kakhulu ngoLwesithathu behlaselwa amadoda angu-15, kubika i-Germiston News.

Kulesi sigameko kudutshulwe kwabulawa isisebenzi esisodwa kubuka ozakwabo.

Okhulumela amaphoyisa ase-Elsburg uConstable Daphney Phooko utshele leli phephandaba ukuthi lokhu kwenzeke ngo-6.50 ekuseni.

“Kugasele amadoda angu-15 akhuluma isiShona, abayishumi kulawa madoda bebehlome ngezibhamu futhi afike aphoqa abasebenzi ukuba babavulele ngenkani,” kusho yena.

Kuthiwa abanye abasebenzi abafike ngemuva kwesikhathi nabo babingelelwe ngesibhamu bengena emsebenzini.

“Isisebenzi sokugcina, ikhetha elineminyaka engu-75, lifike lahlangabezwa abasolwa. Ngesikhathi bekhuluma nalo, leli khehla belikhuluma isiPutukezi nokuyinto ecasule abasolwa ngoba bebengazwani.

“Oyedwa wabasolwa udubule leli khehla esifubeni lashonela khona lapho.”

OLUNYE UDABA:Izigebengu zazifuna ukumshumpula 'induku'

Abasolwa babaleke nensimbi yohlobo lwe-nickel okukholakala ukuthi ingeyenani lika-R6 million beyithutha ngemigqomo beyifaka elolini, abasolwa babuye bathatha amakhompyutha kanye nomakhalekhukhwini wabasebenzi.

Abasolwa babaleke ngeveni elincane kanye neloli.

Abezimo eziphuthumayo babizelwe kule ndawo yesigameko kodwa ngeshwa bathola leli khehlaselishonile.

Amaphoyisa asaphenya kanti okwamanje akukaboshwa muntu.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 486 votes
No! It's time to move on ...
35% - 264 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+1.1%
Rand - Pound
23.79
+0.7%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.40
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
925.50
+1.5%
Palladium
989.50
-1.5%
Gold
2,331.85
+0.7%
Silver
27.41
+0.9%
Brent-ruolie
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.5%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE