Durban – Kushone owesilisa ngesikhathi imoto abeyishayela ikhalakathela emgwaqeni ongezansi eThekwini ngoLwesibili, kusho abosizo lokuqala.
Okhulumela iNetcare 911 uChris Botha uthe le ngozi yenzeke ngabo-17:00 eLa Mercy ku-Ebeling Lane.
“Imibiko eqoqwe endaweni yesigameko iveza ukuthi le moto iphaphalaze yaphuma emgwaqeni yayophonseka eweni, yalala ngohlangothi,” kusho uBotha.
OLUNYE UDABA: Kushone ungqongqoshe engozini yemoto
Uthe izicishamlilo kudingeke ukuthi zisebenzise izindlawu ukukhulula umshayeli, ngebhadi washona yize zizame konke ukumsiza.
Ayaziwa imbangela yokuthi le moto iphaphalaze iphume emgwaqeni.