Share

Kutholakale owesifazane ebulewe emjondolo wakhe

Cape Town – Kutholakale isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-41 ubudala ebese siqala ukonakala eKhayelitsha, ngaphakathi emjondolo wakhe oseSite C kuleli sonto.

UBuyiswa Dephney Dube wagcina ukubonwa ngumngani wakhe ngoLwesihlanu ebusuku.

Lo mngani uthi uye izikhawu eziningi eyombheka ngoMgqibelo kepha kungaphenduli muntu uma engqongqoza, kubika iCape Argus.

“Ngiye kombheka amahlandla ayisithupha ngingaphendulwa uma ngingqongqoza. Ngiphindile ngayombheka ngeSonto, ngafika kusakhiyiwe futhi.

OLUNYE UDABA: Kutholakale owesifazane ebulewe e-KZN

“Ngibe sengiqala ngitatazela ngaba nokusola. Ngifonele umndeni wakhe ngawazisa ukuthji umngani wami udukile,” kusho lo mngani ongathandanga negama lakhe ngoba esabela impilo yakhe.

“Ngiphindile ngayombheka ntambama, ngafica isoka lakhe liphuma emjondolo wakhe. Ngathi uma ngilibuza lathi ligcine ukubona umngani wami ngoMgqibelo ntambama,” esho.

Isidumbu sikaDube sitholakale emjondolo wakhe sidindilize edamini legazi, kanti okwamanje akucaci ukuthi ushone kanjani.

Kuthiwa uDube ushone ngendlela efana ncamashi nokwashona ngayo indodana yakhe ngo-2013 nayo eyatholakala ishonile lapho yayihlala khona.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
33% - 47 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
67% - 97 votes
Vote
Rand - Dollar
19.25
-0.5%
Rand - Pound
23.90
-0.3%
Rand - Euro
20.47
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.32
-0.2%
Rand - Yen
0.12
-0.7%
Platinum
948.10
-0.2%
Palladium
1,025.00
-0.4%
Gold
2,382.02
+0.1%
Silver
28.22
-0.1%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,190
0.0%
All Share
73,271
0.0%
Resource 10
63,297
0.0%
Industrial 25
98,419
0.0%
Financial 15
15,480
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE