Cape Town – Kutholakale isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-41 ubudala ebese siqala ukonakala eKhayelitsha, ngaphakathi emjondolo wakhe oseSite C kuleli sonto.
UBuyiswa Dephney Dube wagcina ukubonwa ngumngani wakhe ngoLwesihlanu ebusuku.
Lo mngani uthi uye izikhawu eziningi eyombheka ngoMgqibelo kepha kungaphenduli muntu uma engqongqoza, kubika iCape Argus.
“Ngiye kombheka amahlandla ayisithupha ngingaphendulwa uma ngingqongqoza. Ngiphindile ngayombheka ngeSonto, ngafika kusakhiyiwe futhi.
OLUNYE UDABA: Kutholakale owesifazane ebulewe e-KZN
“Ngibe sengiqala ngitatazela ngaba nokusola. Ngifonele umndeni wakhe ngawazisa ukuthji umngani wami udukile,” kusho lo mngani ongathandanga negama lakhe ngoba esabela impilo yakhe.
“Ngiphindile ngayombheka ntambama, ngafica isoka lakhe liphuma emjondolo wakhe. Ngathi uma ngilibuza lathi ligcine ukubona umngani wami ngoMgqibelo ntambama,” esho.
Isidumbu sikaDube sitholakale emjondolo wakhe sidindilize edamini legazi, kanti okwamanje akucaci ukuthi ushone kanjani.
Kuthiwa uDube ushone ngendlela efana ncamashi nokwashona ngayo indodana yakhe ngo-2013 nayo eyatholakala ishonile lapho yayihlala khona.