Johannesburg - Umshayeli owayengasoli lutho ngesikhathi emiswa yiphoyisa emgwaqeni eKrugersdorp wabanjwa inkunzi iphoyisa.
Leli phoyisa elaligqoke umfaniswano wamaphoyisa aseMogale City lamisa lo wesifazane lase libhekisisa ilicence disc lathi akame.
“Labuya leli phoyisa seliphethe u-ova lithi libheka ukuthi imoto ayebiwe yini.Lase libuyela emotweni yalo labuya seliphethe isibhamu latshela lo wesifazane ukuthi ubanjwa inkunzi akalethe iwashi, amacici nendandatho yomshado,” kusho okhulumela amaphoyisa uSergeant Tshepiso Mashale.
OLUNYE UDABA: Kuthungathwa iphoyisa ngelokugqekeza
“Isisulu senza konke okushiwoyo sasesitshelwa ukuba sihambe singabheki emuva,” kuqhuba uMashale.
Ngokombiko weSowetan Live lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ngezithuba zabo-10:53 kuRobert Broom Road ekhoneni likaWren Street eChancliff, eKrugersdorp.
Amaphoyisa athungatha indoda okusolwa ukuthi ibandakanyeka kwesinye isigameko esifanayo nalesi okwabanjwa kuso inkunzi omunye umshayeli.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho