Share

Kuthungathwa omuke nomzukulu bewela umfula e-KZN

Durban – Abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal namanje basathungatha owesifazane nosana okuthiwa bamuke nomfula ngesikhathi bezama ukuwela ibhuluho elihamba phezu kweMafodobo River, ngaseHarding.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngoLwesithathu ebusuku kule ndawo eseningizimu yesifundazwe.

Ekhuluma neNews24 ngoLwesine, lowo okhulumela i-EMS uRobert Mckenzie uthe owesifazane, 40, ubehamba nomzukulu wakhe onezinyanga ezingu-16 ubudala ngesikhathi behlelwa yilo mshophi.

"Bebezama ukuwela umfula ngoLwesithathu ebusuku. Umfula ubudla izindwani, kanti kukholakala ukuthi amanzi abagugule behamba ebhulohweni elikhasela kulo mfula.”

Ngokusho kukaMckenzie, owesilisa obehamba ngehhashi naye uzamile ukuwela leli bhuloho ngoLwesithathu ebusuku.

OLUNYE UDABA: Kumuke abane abebewela umfula ogcwele eThekwini

"Omunye umuntu wesilisa obehamba ngehhashi uzamile ukuwela kuyo le ndawo, kwamuka ihhashi lakhe yena wasinda.”

UMckenzie uqhube ngokuthi abosizo lokuqala baziswe ngokuduka kwalo wesifazane nengane ngoLwesine (namhlanje).

“Amaphoyisa kanye nabezimo eziphuthumayo bazamile ukuthungatha abadukile, ngeshwa kwatholakala izimpahla zokugqoka kuphela.”

UMckenzie uthe okwamanje akucaci ukuthi lezi zingubo ezitholakele ngezabadukile na.

Nansi i-video yeThe Herald iveza lo mfula:

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 482 votes
No! It's time to move on ...
35% - 264 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+1.1%
Rand - Pound
23.79
+0.7%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.40
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
925.50
+1.5%
Palladium
989.50
-1.5%
Gold
2,331.85
+0.7%
Silver
27.41
+0.9%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.5%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE