Polokwane – UMnyango wezokuThutha eLimpopo uthi usuxoshe izikhulu ezintathu ngemuva kokwebiwa kwemali engu-R7.4m yamathikithi omgwaqo.
UMnyango uthi inkohlakalo itholwe uPhiko oluLwisana neNkohlakalo kanye nokuKhwabanisa.
Okhulumela uMnyango uJoshua Kwapa uthe izikhulu ezintathu zixoshiwe kanti ezinye eziyishumi zesulile kulandela uphenyo.
Esinye isikhulu sisabhekene nohlelo lokuqondiswa kwezigwegwe.
"Uphenyo lwenziwa kulandela imibiko mayelana nokulahleka kwezimali emahhovisi ehlukene ezomgwaqo,” kusho uKwapa.
OLUNYE UDABA: Kushone intombazanyana kudubulana amaqembu ezigilamkhuba
Uphenyo luveze ukuthi le nkohlakalo yaqala ngo-2009, esho.
Kuthiwa laba babethatha ama-postal order ayesuke ethunyelwe ngabashayeli bekhokha imali yenhlawulo ngokwephula imithetho yemigwaqo kodwa imali bazidlele bona kunokuba bayifake kwi-akhawunti efanele.
UMnyango uthi uthathe isinqumo sokuvulela lezi zikhulu amacala.