Durban - Njalo ngonyaka abahleli bamaSatma Awards baba nesiqubulo abasebenzela phezu kwaso, kanti ngokusho kukaZandile Ndzimande oyi-CEO kulonyaka kubungazwa imbokodo.
Isiqubo sabo salo nyaka sithi, Imbokodo our heritage, senzelwe ukuncoma nokuphakamisa bonke abantu besimame ababamba iqhaza ekuqhakambiseni ulimi lwesintu emculweni wakuleli.
Emcimbini obubanjelwe emkhumbini oseShaka Marine ngoMgqibelo ntambama, uNdzimande uthe kuzobe kudlalisa abesimame abenza umehluko obonakalayo kulo mkhakha.
OLUNYE UDABA:Hamba kahle Zaw Zaw, DJ Ntozabantwana - Umbono
"AmaSatma Awards avama ukuba izinsuku ezimbili, nakulo nyaka kuzobe kunjalo. NgoLwesihlanu Mhlaka 30 kuMandulo sizoba nomcinjana i"ladies party" lapho kuzobe kunadisa abantu besilisa bejabulisa imbokodo.
"Ngomhlaka 1 kuMfumfu kuzobe kungumcimbi omkhulu lapho kuzobe kukhishwa khona izindondo kubo bonke abesimame abavelele,"kusho okaNdzimande.
Ngaphezu kwalokhu uDumsani Goba ongumsunguli wamaSatma ubonge uHlaudi Motsoeneng ngezinguquko azenzile ukusimamisa abaculi bakuleli kwa-SABO.
"Ngaphezu kwalesi sikhumba sengwe esikuhlonipha ngaso namuhla, singama-Satma sinqume ukusungula indondo esizoyibiza nge-Hlaudi Motsoeneng ukubonga amagalelo akho,"kusho uGoba.