Cape Town - Iphoyisa lesifazane laseKlerksdorp elingukaputeni nomama walo bagwetshiwe ngokubulala ubaba walo ongalizali owayeneminyaka engu-60 ubudala.
Okhulumela amaphoyiska uBrigadier Leonard Hlathi uthe uMmotseng Vallecious Vinger, 45, noSuzan Motale, 61, banikezwe iminyaka engu-18 besejele.
OLUNYE UDABA: Osolwa ngokudlwengula unukwa ngelokubulala isisulu
Isidumbu sika-Oupa David Motale, 60, satholakala e-Orkney ngoDisemba ka-2014 sinamanxeba okuklajwa ngembazo ekhanda, kusho uHlathi.
Ngokophenyo, uMotale waya lapho kusebenza khona indoda yakhe eyobuza ngempesheni kamufi ngaphambi kosuku kutholakale isidumbu sakhe.