Durban - Limangaze izakhamizi eziningi zaseHelpmekaar, KwaZulu-Natal ithole elizalwe linamakhanda amabili.
INorthern Natal Courier ibike ngoLwesibili ukuthi uDouglas Long oyimenenja yepulazi endaweni yaseHelpmekaar uhlangabezane nalesi simanga ngesikhathi enye yezinkomazi izala.
OLUNYE UDABA: Inkomo iphuze obesuntu yadakwa yavaleka amehlo
"Ithole lizalwe lifile.
"Isidumbu nomqala bekungokwenkomo eyodwa kodwa ibinamakhanda amabili.
"Leli thole belinezindlebe ezintathu, amehlo amane nemilomo emibili," kubika abezindaba.
Leli phephandaba liphinde lathi nakuba leli thole lithuse abaningi kodwa abanye bebemangele.
Isilwane esizalwe namakhanda angaphezu kwelilodwa kuthiwa yi-polycephaly
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter