Johannesburg - Iphoyisa likaMasipala waseGoli liphuthunyiswe esibhedlela iMilpark kulandela ukudutshulwa ngoLwesine ekuseni.
Leli phoyisa libe yingxenye yamaphoyisa asabele ngesikhathi ebezelwa ku-N3 ngaseBaccleuch lapho bekugetshengwa khona amaloli amabili abethwele omakhalekhukhwini.
OLUNYE UDABA:Kushone iphoyisa lomgwaqo engozini
La maphoyisa azithele phezu kwezigebengu ebeziphethe impahla yenani lika-R60 million eyebiwe.
Ngokwesitatimende esikhishwe wuWayne Minnaar okhulumela amaphoyisa kaMasipala, leli phoyisa elineminyaka engu-28 ubudala belilandela umkhondo we-tracker oliholele emangcwabeni angaseMarlboro.
Kube yilapho-ke izigebengu zilidudula khona ngenhlamvu, kubika iCitizen.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho