Share

Liwotha ubomvu isoka lentokazi okuthiwa iyishende lika-AKA

Johannesburg - Ithi ingaba nkulu ingabe isazekeka, lokhu kubonakale ngokubhebhetheka kodaba luka-AKA kanye nalowo osolwa ngokuba wumakhwapheni wakhe uNicole Nyaba.

Isoka likaNicole libabele ezinkundlenzi zokuxhumana ngoLwesithathu ekuseni libhodla umlilo ngodaba lokuthi isithandwa salo simataniswa nokuba yishene lomrepha wakuleli u-AKA.

Lokhu kulandela umbiko wephephandaba iSunday Sun elakhipha udaba lokuthi kunezinsolo zokuthi u-AKA ujola nale ntokazi ngasese.

Kuthiwa yilokhu kuziphatha okufanayo okwahlukanisa lo mrepha nentokazi engusomabhizinisi iphinde ibe ngu-DJ, uNtombezinhle Jiyane.

Ngesikhathi uNicole ethintwa ngabe-Sunday Sun ukuba aphawule ngalolu daba, uphikile ukuthi unobudlelwane obuyimfihlo no-AKA. "Akukho lutho oluqhubeka phakathi kwkethu," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa u-AKA "uncinzana" nentokazi yaseThekwini

U-AKA, ogama lakhe langempela nguKiernan Forbez, naye uzigxekile lezi zinsolo ethi yena noBonang Matheba bathokoze kakhulu othandweni lwabo.

Yize kunjalo, isoka lale ntokazi elaziwa ngelika-Okaye libhale ezinkundleni zokuxhumana lisabisa ngokuthi intombi izokhokha ngalokhu ekwenzile.

Keminye yemilayezo yalo emide ithe: "Ngabe ngabalalela abangani bami ngesikhathi bengixwayisa ngawe. Sekuphele unyaka ungiqambela amanga, ungikhohlisa. Ngiyakuthembisa uzokukhokhela konke lokhu," kusho leli soka.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 401 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 845 votes
Vote
Rand - Dollar
19.09
+0.4%
Rand - Pound
23.63
+0.8%
Rand - Euro
20.34
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.25
+0.4%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
941.60
-0.9%
Palladium
1,021.50
-0.8%
Gold
2,393.36
+0.6%
Silver
28.69
+1.6%
Brent-ruolie
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE