Ladysmith - Itholwe isiyisdumbu indoda emzini wayo oku-Jantha Street namuhla ntambama.
Le ndoda okukholakala ukuthi ineminyaka ebalelwa kwengu-40 ubudala itholwe ngamalungu ilenga ekamelweni layo.
OLUNYE UDABA: Kutholakala indoda ilenga kulayini wokuneka izingubo
Abosizo lokuqala iSharaj Ambulance Services babizelwe endaweni yesigameko.
Abosizo lokuqala bazame ukuyihlenga le ndoda, kodwa besekungekho abebengasakwenza wahlonzwa njengoshonileyo.
Abosizo lokuqala, amaphoyisa iK9 Unit nabezidumbu bebesendaweni yesigameko.
Kujwayelekile ukuthi ngelesi sikhathi sonyaka izinga labantu abazibulalayo linyuke, abantu bayacelwa ukuba bakhulume ngokubaphethe kabi bangazibulali.
Uma udinga usizo-cindezela
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter