Johannesburg – Inhlangano iCare Works isinxuse abantu bakuleli ukuba baqikelele ekutheni baziphatha kahle uma beya ocansini ngeValentine's Day.
Lolu suku lwezithandani luhlezi luyamaniswa nokuziphatha budlabha, kubika i-SABC.
Le nhlangano isicele abantu bakuleli ukuthi bazibandakanye ocansini oluphephile ukuze bangazibeki engcupheni yokusuleleka nge-HIV/Aids noma izifo ezithathelana ngokocansi kanjalo nokukhulelwa bengaqondile.
OLUNYE UDABA: Ngabe isho ukuthini iValentine's Day kumuntu omnyama?
Imenenja yale nhlangano uRachael Rawlinson uthi bakhathazekile ngezibalo ezithi bangu-400 000 njalo ngonyaka abantu abasuleleka nge-HIV minyaka yonke kuleli.
“IValentine’s Day ingusuku oluhamba phambili kwabathandanayo, kanti kulindelekile ukuthi abantu bazibandakanye ocansini,” kusho uRawlinson.
"Abazozibandakanya ocansini bayacelwa ukuba bazivikele, hhayi ngeValentine’s Day kuphela, kepha ngaso sonke isikhathi.”