Cape Town - Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uLieutenant-General Khomotso Phahlane, unxuse laba abaphasele ukuba amaphoyisa ukuba bangakhuluphali.
“Ngeke niphubelele uma ningenawo umdlandla, ngeke niphumelele uma nizokhukhumala nocabanga ukuthi nizothola inyunifomi enkulu," kusho yena.
OLUNYE UDABA:Amaphoyisa abambe izimoto zohlobo lwama-Landrovers ezibiza u-R3m
UPhahlane ugqugquzele lamaphoyisa amasha ukuba enze lokhu akufundile ngesikhathi eqeqeshwa.
Ekhuluma emcimbini wamaphoyisa lo khomishana ukhiphe isexwayiso kulabo ababhebhethekisa inkohlakalo emaphoyiseni.