Johannesburg - “Ngeke siholwe uMmusi Maimane, yithina abaholi baMaimane...ungumfana wethu omncane, kusho uMalema.
Akuyena kuphela uMengameli Jacob Zuma nomndeni wakwaGupta abahlaselwe ngamazwi ngumholi we-EFF uJulius Malema ngoLweisne ntambama.
Ngesikhathi ephendula ukuthi ngabe iqembu lakhe lizosebenzisana yini neDA odabeni lwaseNkandla noma okhethweni, uMalema ufunge wagomela ukuthi i-EFF ngeke yaholwa uMaimane.
Funda nalolu daba: Sebetakuliwe abebevaleleke emgodini
“Asikhulumi neDA ngolwaseNkandla, futhi asikhulumi neDA ngokuhlangana okhethweni.
“Ngeke saholwa uMmusi Maimane, yithina esengabaholi bakhe uMaimane …. (uMaimane) ungumfana omncane, umuntu ophume esontweni wangena kwezombusazwe,” kusho uMalema.
Udaba lwaseNkandla luzolalelwa eNkantolo yoMthethosisekelo ngelizayo, kubika iThe Citizen.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.