Johannesburg – Amaphoyisa athi luza kahle uphenyo mayelana nokubulawa kukaSenzo Meyiwa, njengoba kuze kwaxoshwa amanye amaphoyisa ngemizamo yokuthola iqiniso.
Sekuphele izinyanga ezingaphezulu kwezingu-15 kwabulawa lo kaputeni weBafana Bafana ne-Orlando Pirates.
UMeyiwa wadutshulwa eseVosloorus, eKurhuleni, evakashele intombi yakhe uKelly Khumalo, kubika i-IOL.
Ngemuva kosuku kubulawe uMeyiwa, kwaboshwa abantu abangu-13 bahlonywa imibuzo, base beyadedelwa.
OLUNYE UDABA: ‘Ingamampunge eyokuthi uSenzo Meyiwa uyapoka’
Kubikwa ukuthi manje isikhulu samaphoyisa ebesihola lolu phenyo sesithatha umhlalaphansi.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe: “Sijabule ngophenyo oluqhubekayo okwamanje.”
Umthombo ongaphakathi emaphoyiseni uthi akukho lwazi olusha abasalutholile.
Kucelwa ongaba nosizo ashayele iCrime Stop ku-08600 10111.
Kunomehlokaboni ka-R250 000.