Share

Omakadebona be-ANC bathi inhlangano kumele izinuke amakhwapha

Johannesburg – Omakadebona be-ANC abangu-101 sebecele inhlangano ukuba yenze izinhlelo “zokubuyisa isithunzi nokwethembeka” bese izinuka amakhwapha kungaze konakale izinto eziningi.

"Imiphakathi eminingi ebheke i-ANC ukuba iyihole isibona lenyuka izinga logombelakwesabo, ukuqashana ngobungani kanye nenkohlakalo nokuhlukunyezwa kwamandla.

“I-ANC ayisathembekile emehlweni omphakathi,” kusho lezi zingqalabutho esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Ukuhlakaza ubuholi be-ANC yikho okuzosisiza – Mthembu

Kulabo abayingxenye yalo mkhankaso wokulungiswa kwezinto ngaphakathi kuKhongolose kubalwa oTrevor Manuel, Essop Pahad, Aziz Pahad, Siphiwe Nyanda, Sydney Mufamadi, Alec Erwin, Barbara Hogan, Frenie Ginwala, Ahmed Kathrada, Denis Goldberg, Andrew Mlangeni noGetrude Shope.

"Njengamalungu amadala kule nhlangano sibona kungumsebenzi wethu ukuba sikhuze ukuze kuqinisekiswe ukuthi imigomo nezimiso ze-ANC akushabalali.”

Leli qeqebana libambe umhlangano ngoLwesibili ngemuva kwempendulo abayithole kuMengameli Jacob Zuma noNobhala Jikelele uGwede Mantashe mayelana nezincwadi abazibhalile ezithi “wonke umuntu kumele azinuke amakhwapha”.

Bathi abenelisekile ngempendulo ngoba ayivbezi ukuthi izinto zizolungiswa kanjani ku-ANC.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 391 votes
No! It's time to move on ...
35% - 214 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
+0.9%
Rand - Pound
23.78
+0.7%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.38
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+1.0%
Platinum
916.60
+0.5%
Palladium
981.50
-2.3%
Gold
2,333.98
+0.8%
Silver
27.37
+0.8%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,363
-0.3%
All Share
74,263
-0.3%
Resource 10
62,166
+2.9%
Industrial 25
102,220
-1.7%
Financial 15
15,816
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE