eNquthu - Kusinda kuyehlela kulaba besimame ababonakale kumavidiyo kathisha wezimanga eNquthu.
Lidele ngokuzibonela ngawalo isoka ebelithandana netombi evele kwenye yamavidiyo.
Le ntokazi nayo eneminyaka engu-27 ikhale yaze yaba nesibibithwane ixoxa ngezingqinamba ezivele ngokuputshukwa kwalawa mavidiyo.
Ithi isiphenduke isiboshwa okumele sihlale sizivalele endlini ngaso sonke isikhathi ngoba yabonakala ebusweni kule vidiyo.
Funda nalolu daba:Kulindeleke azinikele emaphoyiseni uthisha we-video yocansi
"Angisakwazi nokuhamba ngikhululekile emgwaqeni ngenxa yalokhu, okunzima kakhulu kodwa wukuthi ngisanda kuthola ucingo oluvela kubaba wengane yami ethi ngeke esakwazi ukuthandana nami.
"Uthe ubhekene nenkinga ngoba nabakubo bayamgxeka ngokuthandana nami kanti nomfowabo omncane uhlekwa abangani ngoba ufunda eKucabangeni, la okufundisa khona uThabani Hadebe,"kusho yena.
Le ntokazi ithi kade yahlukana nalo thisha futhi imangale kabi iboniswa lamavidiyo. Uthi kumhlukumeza kakhulu ukulahlekelwa isithandwa sakhe ngenxa yaleli hlazo, kubika iLANGA LANGESONTO.