Share

Ona-23 ubulawelwe ‘ibhodlela lotshwala’

Pietermaritzburg - Owesilisa oneminyaka engu-23 ubudala udutshulwe wabulawa phambi kwabangani bakhe ngesikhathi besendleleni belibangise ukuyodlala i-snooker, eLaundaville, eCaluza, ngeSonto.

Ngokombiko wephephandaba i-KZN EYETHU isigameko esishiye umphakathi uthukile kuqhamuke amadoda amabili ehlome ngezibhamu aqonda ngqo kula bangani ase ebafuna ibhodlela.

La madoda abe esevulela nganganono oyedwa wabangani washonela esibhedlela i-Edendale.

OLUNYE UDABA:Owesifazane, 69, ubulawele 'ukuhleba'

Kubikwa ukuthi abasolwa bebehamba ngemoto yohlobo lwePolo emhlophe.

Omunye wabangani bakamufi, Ntokozo Nkomo, uthe umngani wakhe udutshulwe yize bebengenalo nalelo bhodlela likatshwala ebelifunwa ngabasolwa.

"Babe sebebuza umufi ukuthi uyagoloza yini ngaphambi kokumdubula esiswini maqede bangena emotweni bakhala amaphepha," kusho uNkomo.

Okhulumela amaphoyisa asePlessislaer uCaptain Musa Ntombela uqinisekise isigameko wathi amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

"Bekungakaboshwa muntu."



We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 408 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 856 votes
Vote
Rand - Dollar
19.08
+0.4%
Rand - Pound
23.61
+0.9%
Rand - Euro
20.33
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.25
+0.4%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
942.60
-0.8%
Palladium
1,023.50
-0.6%
Gold
2,394.84
+0.7%
Silver
28.77
+1.9%
Brent-ruolie
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE