Johannebsurg - Abantu abaphila nokukhubazeka banelungelo nabo lokwenza ucansi.
Lolu daba luvuke ngesikhathi kunomkhankaso owaziwa nge-consumer rights campaign obuseMahushu ngaphandle kwaseHazyview, eMpumalanga, ngempelasonto.
“Singabantu nathi futhi sinemizwa njengazo zonke ezinye izakhamizi,” kusho uJeannette Mbuyane, ongunobhala weMasoyi Protective Workshop, okuyinhlangano ebhekana nezinkinga zabantu abaphila nokukhubazeka.
Funda nalolu daba: Osolwa ngokudlwnegula uthi uqanjelwa amanga
“Sinazo futhi izibeletho njengabo bonke abanye abantu besifazane.”
UMbuyane uthe abanye abantu bacabanga ukuthi ukwenza ucansi nabantu abakhubazekile kungukuhlukumeza.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.