Durban - Indoda yasePinetown esolwa ngokudlewenguka ingane yentombazane eneminyaka engu-11 ubudala ithi ibhekene namacala angu-11 ngenxa yokungezwani nomfowabo wentombazane.
Le ndoda eneminyaka engu-54 ubudala nomama wentombazane oneminyaka engu-50 ubudala itshele inkantolo yeMantshi yaseChatsworth ukuthi bazimisele ngokuwaphika amacala angu-11 okubalwa kuwo elokudlwengula nelokuhlukumeza.
OLUNYE UDABA: Uboshiwe 'obephoqa indodakazi ukuthi ilale nesoka lakhe'
Ophenya icala uConsable Anele Jingela utshele inkantolo ukuthi umama wentombazane wadayisa ngengane eyiphoqa ukuba ilale nale ndoda izikhawu eziningi.
UJingela uphinde wathi kusolwa ukuthi lo mama wayikhumula indodakazi yakhe wase eyivalela ekamelweni nale ndoda yasePinetown.
Ngaphandle kwaseNkantolo izakhamuzi zaseChantsworth bezimemeza zithi: "Abavalelwe banganikezwa ibheyili."
Abasolwa baboshwa ngomhlaka-20 Novemba kanti bavele enakntolo okokuqala ngesonto eledlule, kubika iDaily Sun.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho