Share

Othisha bafuna ngaphezulu kuka-R2 000

Mthatha - Inyunyana yothisha iSadtu ithembisa ngokusiza othisha abagqilazwa yisikole esizimele.

Lokhu kungemuva kokuba othisha abangu-14 baseHoly Angels Private School eMthatha bethe sekuphele unyaka belwisana nomqashi ukuba abenyusele amaholo.

Othisha bangenele isiteleka kulesi sikole ngenyanga edlule, kodwa kuze kubemanje bathenjiswe ukwenyuselwa amaholo ngo-R300.

Ngokwama-payslips abonwe yiDaily Sun, othisha abahola kakhulu bathola u-1 900 ngenyanga, abanye bathola ngaphezu kancane kuka-R1 500.

Bonke othisha okukhulunywa ngabo baneziqu – abanye babo bagogode nangeze-honours degree – futhi babhalisiwe ngaphansi kweSA Council of Educators.

Funda nalolu daba: Kuboshwe owayeyisilomo sePirates

Bathi abanayo ngisho imihlomulo efana nezinsuku zekhefu noma eminye imihlomulo etholwa othisha bahulumeni.

Umnikazi wesikole, uSuma Pullukatu, uthe bacele abameli bezabasebenzi, iSmall Enterprise Employers of SA ukuba babamele phambi kweCCMA nakwezinye izingxoxo.

Unobhala weSadtu esifundeni sase-OR Tambo, uSiyabonga Gashi, ukuqinisekisile ukuthi iSaccawu icele ukuba isize othisha.

“Imali kathisha osaqala ukusebenza kumele iqale ku-R15 000 ingabaliwe imihlomulo. Sizozama ukubasiza bathole imali engcono abangaphila ngayo. Isikole okukhulunywa ngaso sixhaswe uhulumeni, ngakho noMbuso kumele udlale indima yawo ngalolu daba,” kusho uGashi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
58% - 18 votes
No! It's time to move on ...
42% - 13 votes
Vote
Rand - Dollar
19.08
+0.7%
Rand - Pound
23.89
+0.2%
Rand - Euro
20.47
+0.4%
Rand - Aus dollar
12.45
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.9%
Platinum
918.00
+0.6%
Palladium
1,011.50
+0.7%
Gold
2,325.00
+0.4%
Silver
27.38
+0.8%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,765
+0.3%
All Share
74,705
+0.3%
Resource 10
62,134
+2.8%
Industrial 25
103,110
-0.9%
Financial 15
15,889
+0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE