Port Elizabeth – Ubaba, 45, osolwa ngokugwaza unkoskazi wakhe abengasahlali naye utshele inkantolo ukuthi wayefuna ukuhlala nezingane zakhe ngemuva kokushona kukankosikazi wakhe ngo-2013.
Laba banezingane ezintathu ndawonye.
Le ndoda, engeke likhishwe igama layo ukuvikela izingane, ithi babenezinkinga njengakuyo yonke imishado.
OLUNYE UDABA: Lizibulele iphoyisa ebelisolwa ngokubulala ishende lentombi
Ummangalelwa uthi langa limbe wabuya ekhaya wathola umkakhe elele nenye indoda.
Nokho uMbuso usola ukuthi le ndoda yagwaza umkayo umzimba wonke phambili kwezingane zabo ezimbili, ezazineminyaka engu-6 no-11 ubudala, ngemuva kwengxabano.
Kusolakala ukuthi ingxabano yasuswa yimali engu-R49 000.
Indodakazi yalezi zithandani, eneminyaka engu-9 ubudala manje, yethula ubufakazi enkantolo yathi yayilunguze ngomnyango yabona ubaba wayo egwaza unina.
Udaba oluphelele ku-African News Agency.