Johannesburg - Ukuqubuka kwengxabano phakathi kwezithandani kuholele ekutheni owesifazane agwaze abulale isoka lakhe ngommese.
Okhulumela amphoyisa uSergeant Mduduzi Zondo uthe le ndoda eneminyaka engu-26 ubudala kuqinisekiswe ngoLwesine ukuthi ishonile eflethini laseHillbrow, eGoli lapho lezi zithandani bezihlala khona zombili.
Lo wesifazane uboshelwe icala lokubulala.
OLUNYE UDABA: Owesifazane ubulale isoka ngesambulela
UZondo uphinde wathi kuzwakala eukuthi lezi zithandani ezinengane eneminyaka emibili ubudala bezixabanela udaba lowesifazane owayeyintombi yomufi. Lo wesifazane wavele wathukuthela wahosha ummese wesinkwa wagwaza isoka lakhe enhlizweni laphuma umphefumulo.
Lo wesifazane ube esegijima eyocela usizo emaphoyiseni aseHillbro ecabanga ukuthi isoka lakhe lisaphila.
"Ngresikhathi sifika efulethini isoka lalo wesifazane beselidshonile," kusho uZondo.
Ingane yalezi zithandani isezandleni zezihlobo.
Lo wesifazane kulindeleke ukuba avee enkantolo yemansthi yaseGoli namuhla (NgoLwesihlanu), kubika iThe Star.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho